UKUSUSWA KOBUKHOLONI KWEMFUNDO YEZOMTHETHO

Isithangami songcweti bezomthetho ngokusetshenziswa kwezilimi zomdabu, ikakhulukazi isiZulu, ngenguquko ngobulungiswa

Teams

Usuku Lwesithangami: 25 Lwezi 2026

Isiphakamiso

Ngaphambi kokufika kwentando yeningi, imfundo ephakeme eNingizimu Afrika yayihlukaniswe kakhulu futhi ihlelwe ngokwezigaba ikakhulukazi ngokohlanga kanye nobuzwe. Ukuhlukaniswa kwezikhungo zemfundo ephakeme ngokohlanga kanye nobuzwe, kwakugqugquzelwa nawukwahlukana kwezilimi ngaphansi kombuso wobandlululo. Lokhu kwakwenziwa umthetho owawushicilelwe ngalesosikhathi owawaziwa nge Extension of University Education Act of 1959. Lomthetho wawuhlukanisa amanyuvesi ngezigaba ezimbili. Amanyuvesi ayenayo yonke ingqalasizinda, okwakungeyabafundi bohlanga olumhlophe, bese kuthi amanyuvesi ayengenayo ingqalasizinda eyanele kube ngawabafundi bohlanga oluNsundu, abafundi abanobuhlanga obuhlangene amakhaladi, kanye nabafundi bomdabu waseNdiya. Ngisho umthetho wawuhlukaniswe kanje, wonke amaNyuvesi ayefundisa ngezilimi ezimbili kuphela, okuwulimi lwasentshonalanga labomndabu baseNgilandi kanye nolimi lwesiBhunu.

Ekupheleni kobandlululo izikole zezomthetho kuleli zibe noshitsho olukhulu. Abafundi banoma iziphi izinhlanga sebekwazi ukufunda kunoma isiphi isikhungo semfundo ephakeme ngaphandle kwezithiyo. Izikhungo eziningi zemfundo ephakeme sezikhethe ukufundisa ngolimi olulodwa okungolabomndabu waseNgilandi njengolimi oluyinhloko lokufundisa. Noma kunjalo, izilimi zabantu bomdabu wase Ningizimu Africa azisetsheziswa ukufundisa umthetho ezikhungweni zemfundo ephakeme. Lokhu kwenzeka nakuba abafundi abaningi ezikoleni zomthetho kuleli, kungabafundi bebala elimnyama, abakhuluma zona lezi zilimi zomdabu waseNingizimu Afrika.

Isikole sezomthetho eNyuvesi yaKwaZulu-Natal(UKZN) siyazibandakanya ekuthuthukiseni ukusetshenziswa kwezilimi zabantu bomdabu baseNingizimu Africa, ikakhulukazi IsiZulu ekufundiseni umthetho, indlela yokufundisa egqugquzela uguquko, kanye nokwenza ucwaningo lwezomthetho olususwe amajoka obukholoni bemfundo yasentshonalanga. Lokhu kuhambisana nenqubomgomo yolimi kwiNyuvesi yakwaZulu-Natal ehlose ukuthuthukisa ulwimi lwesizulu ukuthi lube ngulimi lokufundisa elisezingeni elifanayo njengolimi lwabomndabu waseNgilandi.

Ngakho-ke, lesisithangami soNgcweti bezomthetho sihlose ukudinginda izingqinamba zokufundisa umthetho ngezilimi zabantu bomdabu bakuleli. Iphinde ihlose ukudingida ukuthi lezilimi njengesiZulu zingafakwa kanjani ekufundisweni kwezothetho ezikhungweni zomthetho ezweni laseNingizimu Africa. Lokhu kuhambisana namagugu oMthethosisekelo wakuleli, okuqinisekisa ukubuya kwesithunzi sabantu nokupholisa amanxeba ngokwahlukana okwenziwa ubandlululo kubantu bakuleli.

Umongo Kanye Nezihloko Ezizodingidwa

Simema bonke othisha nabacwaningi bezomthetho emaNyuvesi, abafundi abenza iziqu zobudokotela kwezomthetho, abafundisi (tutors), abasizi bokufundisa abenza izifundo zeziqu eziphakeme zomthetho, kanye nabasebenzi bezomthetho, ukuba babe negalelo ohlelweni lwesithangami soNgcweti bezomthetho.

Ukuze kugqugquzelwe ukusetshenziswa kwezilimi zomdabu emfundweni yezomthetho, abazobamba iqhaza bayakhuthazwa ukuba bethule umsebenzi wabo nganoma yiluphi ulimi lomdabu olukhulunywa eNingizimu Afrika.

Iziphakamiso zemibhalo noma izethulo zihambisana nalezi zindikimba ezilandelayo, kodwa azigcini kuzo kuphela:

  1. Umthelela wezinqubomgomo zobukholoni emfundweni yezomthetho.
  2. Ukuqedwa kwemithelela yobukoloni emfundweni yezomthetho.
  3. Izifundo ezifundiswayo (curriculum), izindlela zokufundisa (pedagogy), umphakathi, kanye noguquko ezikhungweni zemfundo.
  4. Ukucubungula okufinyelela esinyathelweni: Izindlela ezingcono kakhulu zokwenza izinto.

Okulindelekile Kwisiphakamiso

  1. Umbhalo ongevile emagameni angama 250 kuya kwangama 300 (Abstract)
  2. Umlando wababhali besiphakamiso obazobamba iqhaza (Biographies Partitipants)

Inani Lokubayinxenye

Ukubayinxenye yesithangami soNgcweti bezomthetho kumahhala, akukhokhwa lutho.

Imininingwane Yokuxhumana

Isiphakamiso kanye nemibuzo ingathunyelwa kuMnumzane uMbatha kwi meyili ku- mbathas@ukzn.ac.za, kanye ne khophi ithunyelwe ku Solwazi u Darren Subramanien ku- SubramanienD@ukzn.ac.za.